IsiZulu ulimi
lwebele
Ibanga 10
Imiphumela
yesifundo
Emva kwesifundo abafundi kumele
bekwazi:
Ukuchaza ukuthi yini isikhangiso
Ukulandela inqubo yokubhala
isikhangiso
Yini
isikhangiso?
Siwumbiko oye ukhishwe ukukhuthaza abantu
ukuthi bathenge okuthile
Ngaphandle kwezikhangisi zezinto ezithengiswayo
kukhona izikhangisi zemisebenzi, zemicimbi,
zabashonile, zabashadayo, kanye nokunye.
Isikhangiso sishawa ngezimfushane uma sibhalwa
Sisuke siqonde ngqo kumuntu noma kubantu
abathile.
Isakhiwo
sesikhangiso
ISINGENISO
: Isihloko,
isithombe
Kanye
negama
lomkhiqizo
Umzimba: Kusuke
kuvezwa ubuhle,
umsebenzi,
inani,isiqubulo, kanye
nokuthi utholaka
kuphi(inombolo/ikhel
i)
Isiphetho:
Sithola
umphumela
wokusebenzi
sa
umkhiqizo.
Inhloso
yesikhangiso
Ukuthuthukisa ulwazi ngomkhiqizo
noma lokhu okukhangiswayo.
Ukugcina umthengi ehehekile
Ukwakha ilukuluku lokufisa ukuthenga
lowo mkhiqizo
Ukwenza umthengi aphume ayothenga
lo mkhiqizo
Isikhangisi
sitholakala
kuphi?
Isikhangisi sitholakala ezindaweni
ezihlukahlukene:
Siyatholakala noma endleleni yokuhamba.
Kumabonakude
Emsakazweni
Kumaphephandaba
Ezinkundleni zokuxhumana
Kumakhalekhukhwini
Okumele
ukuqaphele
uma ubhala
isikhangiso.
Umkhiqizo okhangiswayo
Sibhekiswe kobani lesi sikhangiso
Ifonti esetshenzisiwe;
Enkulu: isetshenziselwa makubhalwa igama
lomkhiqizo ukuze kube lula ukuthi kumakhasimende
bawubone ngisho ekude.
Encane: kusuke kukhona ulwazi abalufihlayo
Egqamile: kusuke kukhona ukugcizelela okukhona
Etshekile: isetshenziswa uma ulimi lungelona
lwesikhangiso.
Kuyaqhutsh
wa
Ulimi
Olunxenxayo/oluncengayo: lolu limi
lisetshenziswa umbhali ngenhloso yokwenza
ukuthi umfundi wesikhangisi enze okuthile ukuze
azuze okuthile.
Olukhohlisayo: lolu limi luba nezitatimende
ezididiyelayo futhi ezingenabo ubuqiniso
Olunothile: kusuke kusetshenziswa izaga, izisho
nezifenqo.
THOLA IMIKHIQIZO YOBISI ECONSISA
AMATHE! JUDI RESTAURANT
SHOP NO.27 Nagle Square Montclair Durban 4009
Yenziwe ngokhilimu,
i-vanilla, strawberry,
banana,
Kanye nochocolate.
Hlala Ubandisa qa Umzimba
Wonke
Iconsisa amathe!
• U-ice cream omnandi!
• Ama-milkshake anhlobonhlobo!
Cabanga
ngento
oyithengile
owayibona
ikhangiswa
Yini oyithandile
ngesikhangiso
eyenza wafuna
ukuthenga?
Yayikhangiswe
kanjani?
Umsebenzi
wasekilasini
1. Kungani igama elithi
“Qhakaza” livela kaningi
kulesi sikhangisi?
2. Anjani amadayimane
aseQhakaza Jewellery
Shop? Bhala okubili
3. Lomusho
olandelayo uqukethe hlobo
luni lolimi?
“Amadayimane avuselela
uthando”
4. Yiliphi isu
elisetshenziswe
abakwaQhakaza Jewellery
Shop ukuze umthengi afike
kuqala kunabanye?
Umsebenzi
wasekhaya
Tholani isikhangiso
njengeqembu enizosihlaziya
bese nisethula kusasa ekilasini
(10)

Isikhangisi .pptx....ukubaluleka kokwazi isikhangiso.